Leli phepha liphenya ngokwethiwa kwamagama emizi yakwaMkhwanazi ngenhloso yokuhlaziya imizwa ecashile equkethwe amagama. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi obeludingeka, ngoba bekugxilwe kuphela emizini yakwaMkhwanazi kwaSomkhele, eMtubatuba. Kube nezingxoxo nabantu abadala bakulesi sizwe abasikhanyisele ngomlando wamagama emizi.
miphakathini eminye yomdabu abesifazane banakho ukuphathwa njengabantwana. Uma besakhula baba ngaphansi kwesandla soyise noma somalume (kulabo abakhulele koninalume). Uma beficwa yisikhathi sokugana, isiko lelobolo libawelisela esandleni sabayeni babo. Uma ngeshwa kwenzeka edlula emhlabeni umyeni ingane endala yomfana iyona eyengamela izindaba zasekhaya.