Leli phepha liphenya ngokwethiwa kwamagama emizi yakwaMkhwanazi ngenhloso yokuhlaziya imizwa ecashile equkethwe amagama. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi obeludingeka, ngoba bekugxilwe kuphela emizini yakwaMkhwanazi kwaSomkhele, eMtubatuba. Kube nezingxoxo nabantu abadala bakulesi sizwe abasikhanyisele ngomlando wamagama emizi.