Lolu cwaningo luyimizamo nemvuselelo yamasiko aphathelene nokugana, ukuganwa nokuganiswa. Kubhekisiswa amasiko agcinwayo kule micimbi ukuze kungaveli izinkinga ezinye zazo ezingaba ukungatholi abantwana. Umcwaningi ubhekisisa kakhulu imbangela yobunyumba noma yokungazali. Le nkinga ayiqali njengoba sekuganwene kodwa iba imbangela yokuphambanisa amasiko noma yokungawanaki amasiko.