mculo womaskandi: Ukuhlaziywa komculo wesiZulu womdabu kusetshenziswa i-general inductive approach
Nakuba abacwaningi abaningi sebebhale amaphepha ehlukene mayelana namasiko esiZulu, kuncane kakhulu okwaziwayo mayelana nobudlelwano obuphakathi komculo womaskandi besiZulu kanye namasiko esiZulu. Kungaleso sizathu ngethula umculo womaskandi njengenye yezinqolobane ezigcina amasiko esiZulu, ngisebenzisa i-general inductive approach. Ngibuye ngiveze ukuthi lolu hlobo lomculo lungasetshenziswa kanjani ukudala uxolo phakathi kwabantu. Ngikhethe ukuhlaziya umculo womaskandi njengomculo omele ezinye izinhlobo zomculo womdabu ezinothe ngamagugu e-Afrika. Umphumela wocwaningo uveza izinto ezintathu ezigqamile kulolu hlobo lomculo: ulimi oluguqukayo olusetshenziswa ngomaskandi, amasiko esiZulu aguqukayo kanye nabalaleli abehlukene abangabathandi balolu hlobo lomculo. Kuvela nokuthi ngendlela okuxhumene ngayo lokhu kokuthathu akwehlukaniseki. Lapho belalele umculo womaskandi, abalaleli bezwa ulimi lwesiZulu oluqukethe amasiko nemikhuba yesiZulu. Okwenza lolu cwaningo lwehluke kolunye oseluke lwenziwa kulolu hlobo lomculo ngukuthi luveza ukuthi ngomculo abantu bangafunda kabanzi ngamasiko nemikhuba yabanye. Ngakho-ke umculo ungasetshenziswa njengebhuloho lokufinyelela kumasiko ehlukene.