Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenzelwe kulo msebenzi lumayelana nokubaluleka kwelobolo njengesiko lamaZulu.
Nakuba abacwaningi abaningi sebebhale amaphepha ehlukene mayelana namasiko esiZulu, kuncane kakhulu okwaziwayo mayelana nobudlelwano obuphakathi komculo womaskandi besiZulu kanye namasiko esiZulu. Kungaleso sizathu ngethula umculo womaskandi njengenye yezinqolobane ezigcina amasiko esiZulu, ngisebenzisa i-general inductive approach.